Abesifazane Abaholwa nguMoya kaNkulunkulu

Wamukelekile ngezandla ezimhlophe ekhasini labesifazane bebandla lethu! Lena yindawo ephephile lapho owesifazane amukelekile, athandwa, futhi ahlonishwa khona.
Lapha, asibuki lapho uvela khona, kodwa sibuka lapho uNkulunkulu ekuyisa khona.
Siphethe umbono wokuvusana, ukulaphana, nokwakhana.
Noma ngabe ungumama omdala, osemcane osafuna indlela yakhe - Unendawo yakho lapha.

...

Umbono Nemigomo Yethu


Ukuvuselela Ngomthandazo (Spiritual Revival)

Ukuba ngomama abaguqa ngamadolo, bamelele imindeni yabo nebandla phambi kobuso beNkosi. (To be women who kneel in prayer, standing in the gap for families and the church.)

Ukunika Amandla Nokucija (Empowerment)

Ukufundisana, ukululekana, nokucuthana ngezinto zempilo, ezomshado, ezamabhizinisi, nokukhulisa abantwana ngendlela elungileyo. (To teach, counsel, and sharpen each other in life, marriage, business, and raising children in the right way.)

Ukwakha Izinsika Eziqinile (Building Pillars)

Ukugcina isithunzi sobumama (uMkhokheli nabo Mama) ebandleni nasemiphakathini esiphila kuyo. (To maintain the dignity of motherhood and leadership in the church and communities.)

Abomama besililo

(Izikhathi Zomhlangano)
Ministry Fellowship & Gatherings

  • Yomthandazo Wabomama (Women's Prayer Service):
    Ngalowo nalowo Lwesithathu ngo-10:00 AM. (Every Wednesday at 10:00 AM.)
  • Imicimbi Nezinkundla Zokufundisana (Seminars & Talkshops):
    Izikhathi zokululekana ngezempilo, imishado, kanye nezezimali. (Special sessions for marriage, health, and financial counseling.)