Isithwathwa Emmanuel Church in Zion under Arsh Bisho Nkambule
I-IEC yasungulwa ngonyaka ka _____ Ngaphansi kobuholi buka Bhishobhi Nkambule. Yasungulwa ngomthandazo wokuthi kube khona indawo lapho abantu bangakhonza bakhululekile, paphulukiswe, futhi bafundiswe iZwi elingaxutshiwe. Kusukela ngaleso sikhathi, uNkulunkulu ulikhulisile isonto ngebandla labantu abahlukene, kodwa abumbene ngenhliziyo eyodwa.
Uma uzizwa ulahlekile, udangele, noma ufuna umndeni - lapha yikhaya lakho. UJesu wathi "Wozani kimi nonke enikhathele", nathi sisho lokho kuwe.
Ukuba yisibani sethemba eNingizimu Afrika yonke. Sifuna wonke umuntu olahlekile athole ikhaya, ogulayo athole ukwelashwa, nowesabayo athole ukuvikelwa egameni likaJesu.
Ukuba yibandla elikhanyayo eliletha ukwelashwa komoya, Ukubuyisana, nokuthemba kubantu bonke - sihola abantu ebumnyameni bayise ekukhanyeni kukaKristu.
Ukukhuleka Nokukhonza
- Sikhonza uNkulunkulu ngoMoya neqiiniso, Sigcina izimfundiso zeBhayibheli nendabuko yamaSione.Ukufundisa
- Sifundisa iZwi likaNkulunkulu ukuze umuntu akhule ekukholweni nasekuziphatheni.Ukusebenzela
- Sisiza abahluphekile, abagulayo, nezintandane - ngoba ukholo ngaphandle kwezenzo lufile.Ukubumbana
- Sakha umndeni ka Nkulunkulu lapho wonke umuntu ezwa ekhaya, kungakhathaliseki ukuthi uvela kuphi.Siyakholelwa kuNkulunkulu uYise, kuNdodana uJesu Kristu, nakuMoya oNgcwele - Siyakholelwa emandleni okuphulukisa, emithandazweni, nasekululekeni kokuhlonipha okhokho ngenkathi sikhonza uNkulunkulu ophilayo.
Noma ngubani uyamukelwa ku IEC. Asibheki ukuthi unjani, uvela kuphi, noma wenzeni ngaphambilini. Lapho sisonke njenhabantwana bakaNkulunkulu. Woza njengoba unjalo, uphume ushintshe.
Woza usivakashele nsuku zonke zokukhonza. Thola iBranch eliseduze nawe. "...Ngoba lapho bababili noma babathathu bebuthene egameni lami, ngikhona phakathi kwabo."-Mathewu 18:20.
Pozice ve firmě
Popis pozice ve firmě, jeho cíle, zodpovědnosti, náplň práce atp..
Pozice ve firmě
Popis pozice ve firmě, jeho cíle, zodpovědnosti, náplň práce atp..
Pozice ve firmě
Popis pozice ve firmě, jeho cíle, zodpovědnosti, náplň práce atp..
Pozice ve firmě
Popis pozice ve firmě, jeho cíle, zodpovědnosti, náplň práce atp..